UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.
AmaHubo 87:7 - IsiZulu 2020 Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Abahlabeleli nababetha izinsimbi bayakuba lapho: yonke imithombo yami ikuwe. |
UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.
Abayizi-4 000 bayoba ngabalindisango, kuthi abayizi-4 000 badumise uSimakade ngezinto engazenzela ukudumisa.
Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.
Bongani uNkulunkulu ebandleni elikhulu; Simakade, Wena ungumthombo ka-Israyeli.
Wayesengibuyisela emnyango wendlu. Kwakugeleza amanzi phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba indlu yayibheke ngasempumalanga. Amanzi aphophoza ephuma phansi ohlangothini lwakwesokunene lwendlu, ngaseningizimu ye-althare.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”
Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.
UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.