AmaHubo 85:11 - IsiZulu 2020 Iqiniso liyovumbuka emhlabeni, ukulunga kubheke phansi kusezulwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini. Contemporary Zulu Bible 2024 Iqiniso liyakuvela emhlabeni; nokulunga kuyokwehla ezulwini. |
Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.
Kwaba kuhle kuSimakade ngenxa yokulunga kwakhe, ukuba aphakamise umthetho wakhe, awenze uhlonipheke.
“Consani mazulu phezulu, amafu athulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; Mina Simakade ngikudalile.
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.
Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”
Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”
“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.