Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
AmaHubo 84:7 - IsiZulu 2020 Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Baqhubeka bekhula ngamandla, yilowo nalowo eSiyoni ubonakala phambi kukaNkulunkulu. |
Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
Umphefumulo wami womele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo, ngiyakufika nini ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?
Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho, makungihole kungiyise entabeni yakho engcwele, nasezindlini zakho,
Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”
USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.
Ngokuba kuyakuba khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi, entabeni yakwa-Efrayimi, bathi: ‘Sukani, asikhuphukele eZiyoni kuSimakade uNkulunkulu wethu.’ ”
Ngiyakuzibusisa zona nezindawo ezizungeze intaba yami, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
Kuyakuthi bonke abasalayo ezizweni zonke mhla zigasela eJerusalema bakhuphuke njalo unyaka nonyaka bayokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, futhi bagubhe uMkhosi Wamadokodo.
nokuba banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi, amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”
Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona.
Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.
Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela.
Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.
“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.
Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.