Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
AmaHubo 84:11 - IsiZulu 2020 Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho. |
Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
Yilowo onkambo yakhe ingenasici, futhi owenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;
USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?
Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.
Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.
Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.
Kungashiwo yini nina ndlu kaJakobe ukuthi uMoya kaSimakade uphelelwa yinisineke noma lezi yizenzo zakhe na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho na?
“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.
Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.
Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”
Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.
Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.
Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?
Abayukuba nafa phakathi kwabafowabo; uSimakade uyifa lakhe, njengalokhu eshilo kuye.
Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu.
UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.