Emihleni kaSawule bahlasela amaHagiri, bawanqoba, base behlala emathendeni awo ngasempumalanga yalo lonke elakwaGileyadi.
AmaHubo 83:7 - IsiZulu 2020 noGebhali, u-Amoni, u-Amaleki, iFilistiya nabakhile eThire. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noGebali, no-Amoni, no-Amaleki, neFilistiya nabakhile eTire. Contemporary Zulu Bible 2024 noGebali, no-Amoni, no-Amaleki; amaFilisti kanye nabakhileyo eTire; |
Emihleni kaSawule bahlasela amaHagiri, bawanqoba, base behlala emathendeni awo ngasempumalanga yalo lonke elakwaGileyadi.
uthi kulo iThire elingasekungeneni kolwandle, elihwebelana nezizwe eziqhingini eziningi, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Thire, wena uthi: “ ‘Ngimuhle ngiphelele.’
Amalunga aseGebhali nezihlakaniphi zakhona babekuvala izimfa. Yonke imikhumbi yasolwandle namatilosi ayo babe kuwe ukuba bahwebe ngempahla yakho.
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.
nezwe lamaGebhali nalo lonke iLebhanoni kuya empumalanga, kusuka eBhali Gadi phansi kwentaba iHermoni kuya eLebo Hamathi,
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ngiyakuwajezisa ama-Amaleki ngalokho akwenza ku-Israyeli, amelana naye ngesikhathi esendleleni ephuma eGibhithe.
Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.