AmaHubo 83:14 - IsiZulu 2020 Njengomlilo oshisa ihlathi, njengelangabi elithungela izintaba, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengomlilo oshisa ihlathi, njengelangabi elithungela izintaba, Contemporary Zulu Bible 2024 Njengomlilo oshisa izinkuni nanjengelangabi lithungela izintaba; |
Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.
Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.
Ngokuba inkohlakalo ivutha njengomlilo, iqothula ameva namakhakhasi, yokhele ihlozi lehlathi, kwenyuka isikhatha sentuthu sibheke phezulu.
Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.
Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.
“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.
Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.