Labo babengababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi, benza umsebenzi wayo.
AmaHubo 81:6 - IsiZulu 2020 “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, nezandla zakhe zakhululeka eqomeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni; izandla zakhe zasindiswa ezimbizeni. |
Labo babengababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi, benza umsebenzi wayo.
Ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe, indlu kaJakobe iphuma kubantu ababekhuluma olunye ulimi,
lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.
noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.
benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.
Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.
Kuyothi ngalolo lusuku umthwalo wabo uyakususwa emahlombe akho, nejoka labo entanyeni yakho, ijoka liyonqamuka ngenxa yokunona.
Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.