Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 81:14 - IsiZulu 2020

Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha, abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bengiyozithobisa masinyane izitha zabo futhi ngibuyisele isandla sami phezu kwabamelene nabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 81:14
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.


Sengathi ngabe wayilalelisisa imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho bekuyokuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamanzi olwandle,


Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


“Manje-ke, Israyeli, uSimakade uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, na? Ukuba umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


yazini impela ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu akayukuqhubeka axoshe lezi zizwe phambi kwenu, kodwa ziyoba wugibe nonoxhaka kini, nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wenu aninike lona.