Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,
AmaHubo 80:9 - IsiZulu 2020 Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Wawulungisela indawo, wawenza wamila izimpande, wagcwalisa izwe. |
Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,
OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.
OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
UJowabe wamnika uDavide inani labantu ababebaliwe. Esewonke u-Israyeli wayeyisi-1 100 000 ababengaphuma baye empini, uJuda yena eyizi-470 000.
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.
Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila, u-Israyeli aqhakaze, akhahlele, athele izithelo, agcwalise umhlaba wonke.
Abasindileyo bendlu yakwaJuda, abaseleyo bayakubuye benabise izimpande, bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.
Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.
Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.
Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?
Ngathumela iminyovu phambi kwenu, eyaxosha phambi kwenu amakhosi amabili ama-Amori, kwakungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.