Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 80:9 - IsiZulu 2020

Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wawulungisela indawo, wawenza wamila izimpande, wagcwalisa izwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 80:9
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


UJowabe wamnika uDavide inani labantu ababebaliwe. Esewonke u-Israyeli wayeyisi-1 100 000 ababengaphuma baye empini, uJuda yena eyizi-470 000.


Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Ngalolo lusuku kuyoba khona isivini esinxanelekayo. Hlabelelani ngaso, nithi:


Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila, u-Israyeli aqhakaze, akhahlele, athele izithelo, agcwalise umhlaba wonke.


Abasindileyo bendlu yakwaJuda, abaseleyo bayakubuye benabise izimpande, bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.


Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.


Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.


Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?


Ngathumela iminyovu phambi kwenu, eyaxosha phambi kwenu amakhosi amabili ama-Amori, kwakungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.