Abaphristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endaweni yawo egumbini lendlu eliphakathi; endaweni engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubhi.
AmaHubo 80:2 - IsiZulu 2020 phambi kuka-Efrayimi, noBhenjamini noManase, vusa amandla akho, uze usisindise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze ukusisindisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Phakamisa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze usisindise. |
Abaphristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endaweni yawo egumbini lendlu eliphakathi; endaweni engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubhi.
UHezekiya wakhuleka phambi kukaSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli ohleli phezu kwamakherubhi, Wena wedwa unguNkulunkulu, nguwe wedwa owenze izulu nomhlaba.
Phakama, usukumele ukwehlulelwa kwami, uyimele indaba yami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami!
Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.
USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.
Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”
Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.
Abantu base bethumela eShilo, bawuthatha lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade Wamabandla owawuhlezi phezu kwamakherubhi. Amadodana ka-Eli omabili, uHofini noFinehasi, babelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.