“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
AmaHubo 8:9 - IsiZulu 2020 Simakade, Nkulunkulu wethu igama lakho libabazeka kangaka emhlabeni wonke! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke! Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, Nkosi yethu, igama lakho likhazimula kangakanani emhlabeni wonke! |
“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
Simakade, Nkulunkulu wethu, yeka ukubabazeka kwegama lakho emhlabeni wonke! Wena obeke inkazimulo yakho phezu kwamazulu.
“Akekho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, ogibela amazulu ukuzokusiza, namafu ngobukhosi bakhe.