AmaHubo 78:53 - IsiZulu 2020 Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabahola kahle, abaze besaba; kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabahola kahle, ukuba bangesabi, kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo. |
owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.
USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.
Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla.
Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza.