Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.
AmaHubo 78:43 - IsiZulu 2020 ngesikhathi enza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, eZowani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuthi wazenza kanjani izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe ensimini yaseSowani. |
Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.
Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.
USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.
Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.
Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila zaso; ngiyakusehlulela,’ kusho uNkulunkulu, ‘emveni kwalokho bayakuphuma, bangikhonze kule ndawo.’
Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?
USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,