AmaHubo 78:42 - IsiZulu 2020 Kabazange bawakhumbule amandla akhe, nosuku abahlenga ngalo ezitheni, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abakhumbulanga isandla sakhe nosuku abahlenga ngalo ezitheni, Contemporary Zulu Bible 2024 Abazange bacabange ngesandla sakhe loba usuku abakhulula ngalo esitheni. |
“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.
Asishongo yini kuwe siseseGibhithe sathi: ‘Siyeke ukuze sisebenzele abaseGibhithe’ na? Ngokuba bekungcono ukusebenzela abaseGibhithe kunokuba sizofela ehlane.”
Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.
Wabakhipha abantu bakho u-Israyeli, eGibhithe, ngezibonakaliso nangezimangaliso, ngesandla esinamandla, ngezikhwepha, nangokwesabeka okukhulu.
Abakwa-Israyeli abamkhumbulanga uSimakade uNkulunkulu wabo, owayebakhulule esandleni sazo zonke izitha zabo ezazibazungeze nxazonke.