ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabo, wazibulala iziqhwaga, waziqumba phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.
AmaHubo 78:21 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke lapho uSimakade ekuzwa lokho, wathukuthela, kwavutha umlilo kwaJakobe, ulaka lwakhe lwehlela ku-Israyeli, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho uJehova ekuzwa lokho wathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe, ulaka lwavuka ngo-Israyeli; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho uJehova wakuzwa wathukuthela; |
ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabo, wazibulala iziqhwaga, waziqumba phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.
Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo ngasemnyango wethende lakhe. Intukuthelo kaSimakade yavutha kakhulu, lokhu kwamdabukisa kakhulu uMose.
Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina.
Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane.
Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.
Kepha ngithanda ukunikhumbuza, nanxa nikwazi konke lokhu ukuthi iNkosi isisikhululile isizwe eGibhithe, emveni kwalokho yabhubhisa labo abangakholwanga.