Simakade, khumbula umusa wakho kithi, nesihawu sakho, ngokuba kukhona kwaphakade.
AmaHubo 77:9 - IsiZulu 2020 Ngabe uNkulunkulu usekulibele yini ukuba nozwelo? Ngabe ulaka lwakhe selugabhe uzwelo analo na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu ukhohliwe yini ukuba lesihawu? Usewuvalile yini umusa wakhe ngolaka? Sela. |
Simakade, khumbula umusa wakho kithi, nesihawu sakho, ngokuba kukhona kwaphakade.
Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho, umusa wakho neqiniso lakho makuhlale kungilondile njalo.
Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho, wesule iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ukhulumelani wena Jakobe, usholoni wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuSimakade, nelungelo lami akalinaki uNkulunkulu wami na?”
Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?
Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?