Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.
AmaHubo 77:12 - IsiZulu 2020 ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakuzindla ngawo wonke umsebenzi wakho, ngikhulume ngezenzo zakho. |
Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.
Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,
Ngiyazikhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.
Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.
Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.
Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: uphi lowo owabakhipha olwandle nabelusi bomhlambi wakhe na? Uphi lowo owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka.
ungazesabi, kodwa khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibhithe:
izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso, izimangaliso, isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo, uSimakade uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza kanjalo kuzo zonke izizwe ozesabayo.