ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.
AmaHubo 76:9 - IsiZulu 2020 mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uNkulunkulu emi ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela. |
ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.
Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.
Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”
Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.
Ngokushesha uSimakade wakhuluma noMose no-Aroni noMiriyamu, wathi: “Wozani nobathathu ethendeni lokuhlangana.” Bahamba bobathathu.
kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.