Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 76:5 - IsiZulu 2020

Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abanamandla enhliziyweni baphangwa, balala ubuthongo babo, akwabakho noyedwa kwabanamandla owathola izandla zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 76:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa;


“Abase-Asiriya bayofa ngenkemba, kungeyona eyomuntu; inkemba okungesiyona eyomuntu iyobaqothula, bayothi galo yephuka phambi kwenkemba. Izinsizwa zakhona ziyoba yizisebenzi ezingakhokhelwa.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Ngilaleleni nina abanhliziyo zilukhuni, nina enikude nokulunga.


Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Abelusi bakho balele, nkosi yase-Asiriya; abahloniphekileyo bakho bayaphumula; abantu bakho bahlakazekele ezintabeni, akekho obaqoqayo.