Kwakungumsedari ngaphakathi endlini, kubaziwe kwaba ngumfanekiso wezintangazane nezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
AmaHubo 74:6 - IsiZulu 2020 Konke okwayo okubaziweyo zakuphohloza ngembazo nangesando. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Konke okubaziweyo kwayo sezikuphohloze ngembazo nangesando. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha manje bahlephula umfanekiso wakhe obaziweyo masinyane ngezimbazo nezando. |
Kwakungumsedari ngaphakathi endlini, kubaziwe kwaba ngumfanekiso wezintangazane nezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe zamakherubhi ezibaziweyo, ngamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, ngaphakathi nangaphandle.
Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo, wazifekethisa ngamakherubhi abaziweyo, ngamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide, wembesa amakherubhi namasundu ngegolide.
Wazifekethisa ngamakherubhi, ngamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wanameka ngegolide kukho konke okubaziweyo.