Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.
AmaHubo 73:26 - IsiZulu 2020 Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. |
Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.
Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.
Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.
Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.
Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.
Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala.
Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.