Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.
AmaHubo 73:25 - IsiZulu 2020 Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngubani enginaye ezulwini ngaphandle kwakho? futhi kakho emhlabeni engimfisayo ngaphandle kwakho. |
Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.
Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.
Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.
ngize ngifike e-althare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu oyinjabulo yami nokwethaba kwami; ngikudumise ngokhehlegume, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na?
“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;
Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo.