UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami.
AmaHubo 73:2 - IsiZulu 2020 Kepha mina izinyawo zami zicishe zakhubeka, kwasala kancane ukuba izinyathelo zami zishibilike. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka; kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina, izinyawo zami sezicishe zamuka; izinyathelo zami zacishe zashelela. |
UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami.
Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.
“Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na? Kungani umphefumulo wami ungebekezele na?
Impela uwuhlengile umphefumulo wami ekufeni, namehlo ami, ezinyembezini, nezinyawo zami, ekukhubekeni.
Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.
Kepha mina ngesikhathi begula, ngangembethe ingubo eyisaka, ngazihlupha ngokuzila ukudla, ngakhuleka ngigobodisile, ngaqinisela ekubakhulekeleni.
Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.”
Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.
Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”
Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.
“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.