AmaHubo 73:13 - IsiZulu 2020 Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile, nezandla zami ngazihlamba ngingenacala, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala, Contemporary Zulu Bible 2024 Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngageza izandla zami ngingenacala. |
uthi: ‘Kungisiza ngani na?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni ebengingayizuza uma bengingonanga na?’
Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso.
Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?
Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.