Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”
AmaHubo 73:11 - IsiZulu 2020 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? Imbala kukhona yini ukwazi koPhezukonke na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Bathi: “UNkulunkulu ukwazi kanjani lokhu na?” Kukhona ukwazi koPhezukonke na? |
Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”
Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.
ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”
Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.
Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’