Inkosi iyokuzwa, iyihlenge incekukazi yayo esandleni somuntu ofuna ukubhubhisa mina nendodana yami efeni, uNkulunkulu asabele lona.’
AmaHubo 72:12 - IsiZulu 2020 Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uyosindisa ompofu lapho ebiza; nompofu nongenamsizi. |
Inkosi iyokuzwa, iyihlenge incekukazi yayo esandleni somuntu ofuna ukubhubhisa mina nendodana yami efeni, uNkulunkulu asabele lona.’
Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;
Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.
Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.
“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kodwa abawafumani, ulimi lwabo lugagadekile wukoma; Mina Simakade ngiyakubaphendula, Mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyukubashiya.
“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,
UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.
Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.
Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.