AmaHubo 71:19 - IsiZulu 2020 Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na? Contemporary Zulu Bible 2024 Nokulunga kwakho kuphakeme kakhulu, Nkulunkulu, wena owenze izinto ezinkulu; O Nkulunkulu, ubani onjengawe! |
Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”
Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.
Ngokuba umusa wakho mkhulu, kuze kube sezulwini, nokwethembeka kwakho, kuze kube semafini.
Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.
Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.
“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?
Indlela yokuphila imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo, ukuba angayi endaweni yabafileyo.
Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni, sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.
uSimakade Wamabandla uphakeme ekwehluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ubonakalisile ubungcwele bakhe ngokulunga.
“Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.
Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.
‘Nkosi Simakade, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza imisebenzi enjengeyakho nongenza imisebenzi emikhulu njengeyakho na?