Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.
AmaHubo 71:14 - IsiZulu 2020 Kepha mina ngizohlala ngikwethemba njalo, ngizokubonga ngingaphezi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina kodwa ngiyakwethemba njalo, ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa mina ngizakwethemba njalo njalo ngikudumisa njalo kakhulu. |
Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.
U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.
Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.
Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,
Lokho niyakukwenza kubo bonke abazalwane abakulo lonke elaseMakhedoniya. Nokho bazalwane, siyanigqugquzela ukuba lokho nikwenze kakhulu.
Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.