AmaHubo 71:11 - IsiZulu 2020 bathi: “UNkulunkulu umshiyile; mxosheni, nimbambe, ngokuba akekho ongamkhulula.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE bathi: “UNkulunkulu umshiyile; zingelani nimbambe, ngokuba akakho osindisayo.” Contemporary Zulu Bible 2024 wathi: “UNkulunkulu umshiyile; msukeleni nimbambe; ngoba kakho omsindisayo. |
Kade ngimusha, manje sengimdala, kodwa angikaze ngimbone olungileyo eshiyiwe, nozalo lwakhe luyizinxibi.
Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”
“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.
Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”
Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKheyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”