Ake nibuze, nibone ukuthi indoda yake yabeletha na? Pho kungani ngibona wonke amadoda ebambelele okhalo njengowesifazane ebeletha, ubuso bonke buphaphathekile na?
AmaHubo 69:23 - IsiZulu 2020 Amehlo abo mawanqundeke ukuze bangaboni, izinkalo zabo ziqhaqhazele njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amehlo abo mawafiphale, ukuze bangaboni; izinkalo zabo zintengezele njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Amehlo abo mawabe mnyama, ukuze bangaboni; futhi wenze izinkalo zabo zithuthumele njalo. |
Ake nibuze, nibone ukuthi indoda yake yabeletha na? Pho kungani ngibona wonke amadoda ebambelele okhalo njengowesifazane ebeletha, ubuso bonke buphaphathekile na?
Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.
Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu.