Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya,
AmaHubo 68:4 - IsiZulu 2020 Hubelani uNkulunkulu, nidumise igama lakhe, lowo ogibela amafu, nimenzele indlela, igama lakhe nguSimakade, yethabani phambi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Hlabelelani kuNkulunkulu, nidumise igama lakhe; menzeleni umendo lowo odabula amahlane; igama lakhe linguJehova; yethabani phambi kwakhe, Contemporary Zulu Bible 2024 Hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu, nihubele inkazimulo yegama lakhe; mdumiseni ogibele izulu ngegama lakhe elithi JEHOVA, nithokoze phambi kobuso bakhe. |
Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya,
Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.
Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni. Sela
yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.
bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.
UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye Enginguye.” Wathi: “Uyakubatshela abantu bakwa-Israyeli uthi: ‘UNginguye ungithumile kini.’ ”
Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.
Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”
Isiphrofetho ngeGibhithe. Bheka, uSimakade ugibele efini elisheshayo, uyeza eGibhithe; onkulunkulu baseGibhithe bazothuthumela phambi kwakhe, nezinhliziyo zabaseGibhithe ziphele amandla phakathi kwabo.
Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele.
Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; yakhani, niwakhe umendo, nikhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.
“Akekho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, ogibela amazulu ukuzokusiza, namafu ngobukhosi bakhe.