AmaHubo 66:5 - IsiZulu 2020 Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni, akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ngezenzo zakhe kubantwana babantu. |
Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.
We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.
Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.
Amarimu awo ayephakeme, futhi emangalisa; omane amarimu ayegcwele amehlo nxazonke.
Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’