AmaHubo 66:4 - IsiZulu 2020 Umhlaba wonke ukhuleke kuwe, ukudumise, bahubele igama lakho.” Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukuhubele; bayakulihubela igama lakho. Sela. |
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;
Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,
Abayukukwenza okubi, noma babhubhise entabeni yami engcwele, ngokuba umhlaba wonke uyogcwala ukumazi uSimakade njengamanzi esibekela ulwandle.
Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.
“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.
Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”