Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.
AmaHubo 66:1 - IsiZulu 2020 Mhlaba wonke, hubelani uNkulunkulu ngentokozo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela, Ihubo noma ihubo. |
Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.
yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.
Halalisani kuNkulunkulu ongamandla ethu, nimemeze ngenjabulo kuNkulunkulu kaJakobe.
Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo.
Emikhawulweni yomhlaba sizwa amahubo okudumisa, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kodwa mina ngithi: “Maye, kimina, ngokuba ngiyafa, ngiyafa!” Ngokuba abakhohlisi bakhohlisile, abakhohlisi bakhohlisile kakhulu.