AmaHubo 61:6 - IsiZulu 2020 Uzokwandisa izinsuku zokuphila kwenkosi, iminyaka yayo ibe miningi ngangezizukulwane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi; iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakwandisa izinsuku zenkosi, neminyaka yayo njengezizukulwane ngezizukulwane. |
Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.
Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.
Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.