u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.
AmaHubo 60:6 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu ukhulumile esebungcweleni bakhe, wathi: “Ngizokunqoba, ngihlukanise iShekemi, ngisilinganise iSigodi iSukhothi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wakhuluma ebungcweleni bakhe; Ngiyakuthokoza, ngilihlukanise iShekemi, ngilinganise isigodi saseSukoti. |
u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.
Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”
USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.
KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe, kuNkulunkulu ngibeka ithemba lami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?
Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.
Mayelana nabaphrofethi. Inhliziyo yami yephukile ngaphakathi kwami, wonke amathambo ami ayathuthumela. Sengifana nomuntu odakiweyo, nanjengomuntu owahlulwe yiwayini; ngenxa kaSimakade, nangenxa yamazwi akhe angcwele.
INkosi uSimakade ifungile ngobungcwele bayo, yathi: “Bhekani-ke, ziyonifikela izinsuku lapho niyakuthathwa ngezingwegwe, nezizukulwane zenu ngezindobo zokudoba.
Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.
nesigodi saseBhethi Haramu, iBhethi Nimra, iSukhothi neZafoni, nawo wonke umbuso wenkosi uSihoni waseHeshibhoni, iJordani nosebe lwayo, kuze kuyofika ezansi nolwandle iKhinerethi, empumalanga ngaphesheya kweJordani.
Indawo yabakwaManase yayisuka e-Asheri iye eMikhemetha engaphambi kweShekhemi; bese umngcele uqhubeka ngaseningizimu uye kwababakhe e-Eni Thaphuwa.
Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.
UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.
Amathambo kaJosefa ayekhushulwe ngabakwa-Israyeli eGibhithe, bawangcwaba eShekhemi esiqeshini somhlaba esasithengwe nguJakobe emadodaneni kaHamori, uyise kaShekemi, ngamakesita ayikhulu, saba yifa labantu bakwaJosefa.