Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.
AmaHubo 60:4 - IsiZulu 2020 Abakwesabayo ubanike ifulegi ukuba baliphakamise ngenxa yeqiniso. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Ubanikile ibhanela labo abakwesabayo, ukuze liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela. |
Sihlokome, sihalalise ngokunqoba kwakho, siphakamise ibhanela egameni likaNkulunkulu wethu. USimakade makaphumelelise konke okucelayo.
Gibela ebukhosini bakho ngokunqoba, ngenxa yeqiniso, ukuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene masikufundise izenzo ezimangalisayo.
Iyophakamisela abezizwe ibhanela, ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.
Phakamisani ibhanela entabeni eluqhwathule, nimemeze, nibaqhwebe, ukuba bangene emasangweni abakhulu.
Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizakuphakamisela izizwe isandla sami, ngiphakamisele abantu ibhanela lami; bayakuletha amadodana akho bewagone esifubeni, namadodakazi akho bewathwele ehlombe.
Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela, asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba; yebo, siyakuza ngokushesha.
Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.