Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.
Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
Awukufuni yini, Nkulunkulu, lokho esikwalile? wena, Nkulunkulu, ongaphumanga namabutho ethu na?
Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.
UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
Akunguwe yini Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.
Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.
Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.
“USimakade wayesethi kimi: ‘Yisho kubo uthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba ngeke ngibe khona phakathi kwenu, funa zinehlule izitha zenu.” ’
USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’
UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.
Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.