UZakhariya, u-Aziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya, noBhenaya bashaye izingubhu ezilungiselwe i-Alamothi.
AmaHubo 6:1 - IsiZulu 2020 Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. |
UZakhariya, u-Aziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya, noBhenaya bashaye izingubhu ezilungiselwe i-Alamothi.
UMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, uJehiyeli, no-Azaziya, babephethe amahabhu alungiselwe iSheminithi ukuba bahole.
Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu.
Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu ongukulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.
“Lokho kimi kufana namanzi ezinsukwini zikaNowa: njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awasayukubuye awemboze umhlaba, kanjalo sengifungile ukuthi ngeke ngisakuthukuthelela, futhi ngeke ngikusole.
Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.
Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.
Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”