Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 6:1 - IsiZulu 2020

Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 6:1
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UZakhariya, u-Aziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya, noBhenaya bashaye izingubhu ezilungiselwe i-Alamothi.


UMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, uJehiyeli, no-Azaziya, babephethe amahabhu alungiselwe iSheminithi ukuba bahole.


USimakade wangijezisa kanzima, kodwa akanginikelanga ekufeni.


Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu.


Iyakukhuluma nabo ngentukuthelo yayo, ibafake ingebhe ngolaka lwayo, ithi:


Simakade, ungangijezisi ngolaka lwakho, ungangishayi ngentukuthelo yakho.


Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu ongukulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.


“Lokho kimi kufana namanzi ezinsukwini zikaNowa: njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awasayukubuye awemboze umhlaba, kanjalo sengifungile ukuthi ngeke ngisakuthukuthelela, futhi ngeke ngikusole.


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.


Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”