UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”
AmaHubo 55:7 - IsiZulu 2020 Bengiyakubaleka, ngiye kude, ngihlale ehlane. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude, ngingenise ehlane. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, bengiyakuzulazula kude, ngihlale ehlane; Sela. |
UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”
uJeremiya wasuka eJerusalema, waya ezweni lakwaBhenjamini ukuba ayokwamukela khona isabelo sakhe phakathi kwabantu.
Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.
Sengathi ngabe nginendawo yokulala izihambi ehlane, ukuze ngibashiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bonke bayiziphingi, iqembu lamaqili.
UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”