Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.
AmaHubo 55:2 - IsiZulu 2020 Ngizwele, ungiphendule; ngikhathazekile, ngiyabubula, ngixakekile, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngizwele, ungiphendule; ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula Contemporary Zulu Bible 2024 Ngilaleleni, ningilalele; Ngiyalila ekukhaleni kwami, ngizwakalise ukukhala; |
Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.
Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?
Yizwa izwi lami, Nkulunkulu, ekukhaleni kwami, ulondoloze impilo yami ezinsongweni zesitha.
Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”
Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.
Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”