Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela
AmaHubo 52:3 - IsiZulu 2020 uthanda okubi kunokuhle, amanga kunokulungileyo. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Uthanda okubi kunokuhle; futhi aqambe amanga kunokuba akhulume ubulungisa. Sela. |
Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela
Umphefumulo wesikhohlakali ufisa okubi; umakhelwane waso akafumani sisa emehlweni aso.
“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”
Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
Kodwa nina nizonda okuhle, nithande okubi, nebula isikhumba sabo nibasuse inyama emathanjeni abo.
Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.
Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.
abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,
Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.