Ngokuba ukuhlengwa kwempilo yakhe kubiza kakhulu, ngeke kwafinyelelwa kukho nanini,
Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini
(Ngoba insindiso yomphefumulo wabo iyigugu, futhi ihlala kuze kube phakade.)
noma: ‘Ngikhululeni esandleni sesitha, ningihlenge esandleni sezidlova’ na?
Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na?
Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?