Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 49:3 - IsiZulu 2020

Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Umlomo wami uyakukhuluma ukuhlakanipha; nokuzindla kwenhliziyo yami kuyakuba ngukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 49:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amazwi ami aveza ubuqotho benhliziyo yami, lokho izindebe zami ezikwaziyo, zikukhuluma ngeqiniso.


Uma ungenawo, ngilalele, thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”


Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.


Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.


Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.


Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.


Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, usigcine enhliziyweni yakho isifundiso sami,


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni,