UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”
AmaHubo 49:16 - IsiZulu 2020 Ungesabi uma umuntu eba yisicebi, nxa umcebo wendlu yakhe wanda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungesabi nxa umuntu eceba, uba udumo lwendlu yakhe lwanda; |
UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”
waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.
Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Yini ebengizoyesaba ngesikhathi senhlupheko, lapho ngihaqwa wububi babangizingelayo,
Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.
Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.
Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba alethe kuwo ubukhosi bawo.