Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 49:1 - IsiZulu 2020

Lalelani lokhu nina bantu, nonke bekani indlebe, nonke zakhamuzi zasemhlabeni,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Yizwani lokhu nina zizwe zonke! lalelani nina nonke enakhileyo emhlabeni!

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 49:1
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umhlaba wonke mawumesabe uSimakade; bonke abakhileyo ezweni, mabathuthumele phambi kwakhe.


Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.


Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.


UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.


Bantu bami, yizwani umthetho wami, nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


UJeremiya, umphrofethi, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema, wathi:


Yizwani nonke bantu, ulalele mhlaba nakho konke okukuwe, iNkosi uSimakade izofakaza imelene nani, iNkosi ivela ethempelini layo elingcwele.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


Ngabe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Ngabe akasiye yini nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe futhi,


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’