U-Ahaziya, indodana ka-Ahabi, wathi kuJehoshafathi: “Izinceku zami mazihambe nezinceku zakho ngemikhumbi.” Kepha uJehoshafathi akavumanga.
AmaHubo 48:8 - IsiZulu 2020 Njengalokhu sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaSimakade Wamabandla, emzini kaNkulunkulu wethu, uNkulunkulu uyowumisa kuze kube phakade. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengalokho sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu; uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Njengoba sizwile, sibonile kanjalo emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu: uNkulunkulu uyakuwuqinisa kuze kube phakade. Sela. |
U-Ahaziya, indodana ka-Ahabi, wathi kuJehoshafathi: “Izinceku zami mazihambe nezinceku zakho ngemikhumbi.” Kepha uJehoshafathi akavumanga.
UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.
Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.
Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; oyise bayabazisa abantwana ngokuthembeka kwakho.
Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi; umoya wasempumalanga wakuphahlaza phakathi kolwandle.
Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu kaSimakade iqiniswe esiqongweni sezintaba, ibe yinde kunamagquma, abantu abaningi bayakugelezela kuyo.
Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.