AmaHubo 48:3 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu uyaziwa ezigodlweni ukuthi uyinqaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela. |
Ngesikhathi uSimakade ebona ukuthi bayazithoba, wathumela izwi kuShemaya, wathi: “Bazithobile; angiyukubabhubhisa, kodwa ngizokubakhulula emveni kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyukwehlela iJerusalema ngesandla sikaShishaki.
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Sithandwa sami, umuhle njengeThirisa, uyabukeka njengeJerusalema, uyahlonipheka njengempi.
Bonke abedlula ngakuwe, bashaya izandla, bethi: “Ashila!” Bayakunximfela, benikina amakhanda, ndodakazi Jerusalema, bathi: “Ngabe yiwo yini lo muzi ababewubiza ngokuthi ungubuhle obupheleleyo, nentokozo yomhlaba wonke na?”