Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,
AmaHubo 48:11 - IsiZulu 2020 Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Mayijabule intaba yaseSiyoni, amadodakazi akwaJuda ajabule ngezahlulelo zakho. |
Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,
IZiyoni liyezwa, futhi lithokozile, namadodakazi akwaJuda ayethaba, ngenxa yezehlulelo zakho, Simakade,
Madodakazi aseJerusalema, ngimnyama kodwa ngimuhle. Nginjengamathende akwaKhedari, nanjengamakhethini kaSolomoni.
Ngiyaniyala madodakazi aseJerusalema ngezimpala nemigakla; ningaluvusi uthando kungakabi yisikhathi, Luyekeni luziqubukele lona.
Madodakazi aseJerusalema, fungani nigomele ngezinsephe, noma ngezindluzelakazi zasendle; ngeke naluvusa uthando. Luyekeni luziqubukele lona ngokwalo!
Okuphuma emlonyeni wakhe kumnandi, konke ayikho kuyanxaneleka. Yilowo othandiweyo wami, yilowo-ke ongumngani wami, madodakazi aseJerusalema.
nanti izwi uSimakade alikhulumile maqondana naye, uthi: “Uyakwedelela, uyakungcofa, ntombi, ndodakazi yaseZiyoni; ukunikinela ikhanda, ndodakazi yaseJerusalema.
Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.
Kepha uJesu waphendukela kubo, wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli Mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu.
Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”
“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.