UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
AmaHubo 47:1 - IsiZulu 2020 Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo lamadodana kaKora. Shayani izandla nina zizwe zonke. Khala kuNkulunkulu ngezwi lokujabula. |
UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
UJehoyada wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayethwesa umqhele, wayinika ubufakazi, base beyibeka ukuba ibe yinkosi, bayigcoba, bashaya ihlombe behalalisa, bethi: “Mana njalo, nkosi!”
Abantu bakwaJuda base benza isaho, bekhuza iziqubulo zempi, kwathi lapho abakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya uJerobhowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abhiya noJuda.
Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu, siqoqe kwabezizwe ukuze silidumise igama lakho elingcwele, sikudumise ngentokozo.
Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu.
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo.
Niyophuma ngentokozo, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyoqhumuka kuhlabelele phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyoshaya ihlombe.
Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Mhlabeleleni ngentokozo uJakobe, nihlokomele inhloko yezizwe, nizwakalise ukudumisa, nithi: ‘Simakade, sindisa abantu bakho insali yakwa-Israyeli.’
Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.
“Ungubani-ke wena ntaba enkulu na? Phambi kukaZerubhabhele uyakuba yithafa. Uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza athi: ‘Umusa, umusa, mawube kulo!’ ”
Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!”